uZondo Usecele Izinkontileka Zongqongqoshe kuRamaphosa

Written by on 28 April, 2021

By: Bright Ntuli & Lindelani Mbatha

Usihlalo wekhomishana ephenya iState Capture, uRaymond Zondo, usecele umengamerli uCyril Ramaphosa ukuba aphathe izinkontileka zokusebenza kongqongqoshe mhla ezovela futhi ngenyanga ezayo.

uRamaphosa wethula ubufakazi kulekhomishana njengomengameli weANC, kanti ekupheleni kwenyanga ezayo uzothula ubufakazi njengomengameli wezwe.

uMengameli uveze ukuthi zikhona izikontileka zokusebenza kongqongqoshe kanjalo noMengameli wezwe.

Uphinde waveza ukuthi naye unenkontileka yokusebenza ayisayina nenhlangano yakhe iANC.

uZondo uthi sebehluleke bancama ukuthola lezikontileka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uRamaphosa usefunge wagomela ukuthi inhlangano ebusayo izowulekelela umsebenzi owenziwa yilekhomishana.

Ukuza kwakhe kulekhomishana kulandela ukuthi igama lakhe like laphakanyiswa nalo, ezinsolweni zenkohlakalo njengoba owayeyiskhulu esiphezulu kwaEskom uBrian Molefe, amusola ngokusebenzisa amandla akhe ezepolitiki ukulekelela inkampani yezimayini iGlencore.

Phakathi kwezinto ekulindeleke ukuthi aphendule ngazo kubalwa nokufakwa kwamalungu e ANC ezikhundleni ngokobu comrade.

Enza inkululo yakhe yokundlalela, uRamaphosa uthi iANC izibophezele ekulweni nenkohlakalo.

Usephinde wasola ukwehlukana kwangaphakathi kweANC njengento eyimbangela yenkohlakalo kanye nokubhozonyelwa kombuso ngosomabhizinisi abathile, okufakaphakathi nabomndeni wakwaGupta.

AbakwaGupta basolwa ngokubanesandla ekuqokweni kongqongqoshe ngaphansi kobuholi balowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

uRamaphosa uthi bayalwisana nokuqashana ngokwazana ezinkampanini zikahulumeni obekwenzeka ngesikhathi esedlule.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background