UZondo Uyagadla kuZuma

Written by on 23 November, 2020

By: Pamella Majola

Usihlalo wekhomishana ephenya nge State Capture uRaymond Zondo uthi uzovulela icala lowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma nethimba lakhe labammeli baphuma kule khomishana ngaphandle kokuthola imvume yokwenza lokho ngesikhathi uZondo echitha iscelo sikaZuma sokuthi ahoxe ekubeni ngusihlalo walekhomishana.

uZuma wazidalela amazinyo abushelelezi ngalesisenzo njengoba izihlangano eziningi ezilwela ubulungiswa zithu kufanele uZondo amthathele izinyathelo ezinqala.

uZondo uyachaza,

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background