UZondo Uyaphapha – Malema
Written by Mfundo on 16 May, 2022
By: Bongani Gina
Umholi we-EFF uJulius Malema usesole inhloko yamajaji kuleli uChief Justice Raymond Zondo ngokuthandwa ukubukwa nokugqama ngaso sonke isikhathi kunokuba enze umsebenzi wakhe wokuba umehluleli.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba namhlanje, uMalema uthi uZondo uthanda ngokweqile ukuvela kumabonakude ngoba noma kwenzakalani encane umbona esebiza isithangami sabezindaba esefuna ukuvela ku-tv.
UMalema uthi ukuphapha nokuxhamazela kumehlisa isithunzi sakhe uZondo njengomengameli wamajaji futhi kuzomenza egcine engahlonipheki naphambi kwabantu.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.