Uzophela Umbuso KwaMadela Ngokubona

Written by on 18 February, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu, uLindiwe Sisulu, uthi sebefinyelele esivumelwaneni nenhlangano eyaziwa ngamadela ngokubona kulesisifundazwe.

uSisulu ubekhuluma namalunga ephalamende kuqhubeka inkulumo mpikiswano ngenkulumo kamengameli ayeyibhekise ezweni ngesonto eledlule.

Amadela ngokubona aziwa kakhulu kwisifundazwe iKwaZulu-Natal, ngokumisa ukusebenza kwezinkontileka ikakhulu zokwakha nokulungiswa kwemigwaqo, befuna ukuhlomula kumathenda kahulumeni.

uSisulu uthi unethemba lokuthi lokhu abavumelane ngakho kuzothela izithelo ezinhle, ezingezukuphazamisa ukulethwa kwezidingo zomphakathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background