Uzovela Enkantolo Osolwa Ngokubulala Ugogo Ngesando

Written by on 22 April, 2022

By: Bright Ntuli

Owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala kulindeleke ukuthi avele enkantolo kamantshi eVerulam enyakatho yeTheku namhlanje, ngezinsolo zokuba nesandla ekubulaweni kuka gogo wakhe.

Lowesifazane zimkhalele sekukubi, amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu sekuthi awumudle amfele.

Isidumbu salogogo obeneminyaka engu-69 ubudala sitholwe ngamaphoyisa kulelisonto sigqitshwe egodini elifushane egcekeni lomuzi wakhe.

Ngokombiko wamaphoyisa, umsolwa lo ugile lomkhuba ngokusizana nowesilisa ongubhululu wakhe, bagqema ugogo ngesando waze wafa.

Oyiskhulumi samaphoyisa KwaZulu-Natal, uNqobile Gwala uyachaza:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background