UZulu Ukhuthaza Ukuthandwa Nokuvikelwa Kwezaguga

Written by on 15 June, 2023

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi  kuzwelonke, uLindiwe Zulu, usenxuse imiphakathi kanjalo nemindeni ukuthi idlale indima enkulu ekuvikeleni izaguga.

Usho kanjena nje, namhlanje kubungazwa usuku lokuqwashisa ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu abadala, i-World Elder Abuse Awareness Day.

UZulu uthi ziningi izigameko zokushaywa, kubulawe, izaguga ezibikwa njalo emaphoyiseni, athi kwenziwa emiphakathini noma emakhaya azo lapho kumele engabe zivikeleke khona.

Uqhuba ngokuthi lesihlava asisho ukushaya nokubulala kuphela kodwa ukunganakekelwa kwabo kanjalo nokushaywa indiva kwezikhalo abanazo ngempilo kanye nenhlalonhle yabo, kusawukuzihlukumeza nalokho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background