UZulu Ukhuza Eyokuhlukunyezwa Kwabathandana Ngokobulili Obufanayo

Written by on 26 November, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uLindiwe Zulu usenxenxe bonke abantu kuleli ukuthi bahlukane nokukhipha inyumbazane umphakathi we-LGBTQI+.

U-Zulu ukhulume kanje kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane, i-16 days of Activism.

Uthi izingane nabesifazane akusibona kuphela abahlukunyezwayo ngezindlela ezahlukene, kodwa bathwele kanzima nalabo abathandana ngokobulili obufanayo.

Uqhuba ngokuthi okubuhlungu kakhulu ukuthi labantu ngisho beyovula amacala emaphoyiseni bafike bathole ukuhlukunyezwa okunye nakhona, kanjalo nasezinkantolo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background