UZuma Usika Elijikayo Ngezinkantolo Futhi

Written by on 26 March, 2021

By: Sthulile Mdletshe

OwayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, uthi akasenalo nelincane ithemba ezinkantolo zakuleli.

UZuma usho lokhu njegoba ikhomishana ephenya ngezinsolo zokudliwa kombuso immangalele enkantolo yomthethosisekelo, ifuna aboshwe abhadle ejele iminyaka emibili.

Lokhu kulandela ukuthi uZuma ayishaya indiva imiyalelo yenkantolo yomthetho siseseko yokuthi kumele azokwethula ubufakazi kulekhomishana.

Eziphendulela esitatimemdeni u-Zuma usesole amajaji amaningi kulenkantolo enkulu kunazo zonke ezweni, ngokuchema nalabo abafuna ukudicilela phansi igama lakhe.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background