UZuma Uyathinteka Ekuwineni Kuka Kaunda EThekwini – Malema

Written by on 25 November, 2021

By: Bongani Gina

Umholi we-EFF uJulius Malema uthi owabe enguMengameli wezwe ne-ANC uJacob Zuma, uyena osize i-ANC ukuba igcine iwine isikhundla sobuMeya kumasipala weTheku.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba uMalema uthi lowo oseqokwe njengesekela leMeya yeTheku uPhilani PG Mavundla we ABC (Abantu Batho Congress),  ubekhuluma bukhoma noZuma efonini phambi kukaMarshall Dlamini we-EFF, uZuma emyalela ukuba avotisane ne-ANC.

U-Malema uthi abantu okuyibona abaholele ekutheni uMxolisi Kaunda akhethwe njengeMeya, uZuma kanye no-Ace Magashule ongunobhala we-ANC osamisiwe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background