Vote of No Confidence for KwaDukuza MPAC

Written by on 20 July, 2022

By: Xolani Khumalo

Iqembu lezepolitiki i-Action SA kuMaspala waKwaDukuza eNyakatho neTheku lithi lizofaka ivoti lokungamethembi uMeya walelidolobha uLindiwe Nhaca, usekela wakhe uThulani Ntuli, kanye noSomlomo uDolly Govender.

I-Action SA ithi kuleliviki isibe nomhlangano omkhulu nesigungu esiphezulu saleliqembu nalapho ixoxe khona ngaloludaba.

Iqhuba ngokuthi lomhlangano ube usuphakamisa ukuthi laba basuswe ezikhundleni zabo.

I-Action SA ithi izobambisana ngokuhlangayela namanye amaqembu aphikisayo emzamweni yayo yokuketula labaholi.

ANC yawina ukuhola lomaspala ngo-49% okhethweni loHulumeni baseKhaya ngonyaka owedlule.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background