Yenzani I-ANC Ngezinsolo Ngama Gupta?

Written by on 29 April, 2021

By: Sthullile Mdletshe & Lindelani Mbatha

Umengameli  weANC, uCyril Ramaphosa, uthi akakungabazi ubufakazi obathulwa ngobeyiphini likaNgqongqoshe wezeziMali kuleli, u-Mcebisi Jonas.

uJonas watshela le khomishana ephenya nge state capture ukuthi umndeni wakwaGupta wamugwazela ngesamba sika R600 million, bemthembisa nokumnika isikhundla sikangqongqoshe.

UJonas waveza ukuthi kulo mhlangano wango-2016 u-Ajay Gupta wamtshela ukuthi ufuna abambisane nabo.

Ebuzwa ngokwenziwa i-ANC ukulandelela lezi zinsolo uRamaphosa ubeke kanje,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, usihlalo walekhomishana uRaymond Zondo uthi bazobe benze iphutha uma bengaphothula umsebenzi wabo bengatholanga ukuthi yini lena ebange inkohlakalo kanye nokubhozonyelwa kombuso.

Izolo lekhomishana icele uRamaphosa ukuba ayiphathele zonke izinkontileka zokusebenza kongqongqoshe kusukela ngo-2009, nathembisile ukuthi uzokwenza.

Ngomsombuluko, lowo owayengunkosikazi kangqongqoshe wezinkampani zikahulumeni uMalusi Gigaba, uNorma uveze ukuthi umnyeni wakhe ubehlezi ebuya nesikhwama esigcwele imali njalo uma evakashele umndeni weziqumama zakwaGupta, ezisolwa ngokuba nesandla ekuqokweni kongqongqoshe.

uZondo uthi kumele babheke zonke izindlela zokunqanda lesisihlava ukuthi singaphinde senzeke.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background