Izivakashi Zichithe Imali Engaphezu kuka-R1.5bn ngesikhathi samaholidi EThekwini- Kaunda

Written by on 13 January, 2023

By: Zilungile Mkhize

UMeya womasipala iTheku, uMxolisi Kaunda, uthi lomkhandlu ukwazile ukuvuna izithelo ezinhle kwezomnotho ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, yize isimo besingesihle njengoba amabhishi ebelokhu evalwa.

UKaunda usho kanjena ekhuluma nabezindaba ngesikhathi ethula imniningwane mayelana nendlela umkhandlu osebenze ngayo ngo December, kanjalo nesimo samabhishi namaxhaphozi okubhukuda, nathi amaningi asevuliwe.

Uthi yize kube khona ukuphazamiseka kokusebenza kwamabhizinisi kwezokuvakasha ngenxa yokuvalwa kwezindawo zokubhukuda, bakwazile ukusebenza ngaphansi kwengcindezi, nomnotho wangakhinyabezeka kakhulu.

UKaunda uthi kuningi abakufundile ngezinkinga ezibekhona, nokuzosiza njengoba kuzoqala amalungiselelo enkathi yePhasika.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background