Zibakhalele abasolwa abathathu ngelokuqotha imbokodo nesisekelo e-Eastern Cape.
Written by Phakeme Mnguni on 16 October, 2024
By: Phakeme Mnguni
Sebekhalelwe ngamasongo kasigonyela abantu abathathu abasolwa ngokubulala abantu abangu-18 eLusikisiki, e Eastern Cape.
Laba balisa abathathu baboshwe ezintatha namhlanje ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu neKZN, kulandela umkhankaso wobunhloli.
Isikhulumi samaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda uthi amaphoyisa alunywe indlebe omunye wamalungu omphakathi ewabikela ukuthi labasolwa bacashe emqashweni emijondolo yase Mkholombe, ePort Shepstone.
Uthi baqale umkhankaso oholele ekuboshweni kwalabasolwa abaneminyaka engu 22, 24 kanye nengu 31 ubudala.
Kuzokhumbuleka ukuthi umsolwa wesine, owabanjwa kuqala uSiphosoxolo Myekethe wakhalelwa ngamasongo kasigonyela ngomhlaka 7 kulenyanga wavela enkantolo izolo ngomhlaka 15 October, okuyilapho alaxaze khona isicelo sebheyili.
Imibiko ihlongoza ukuthi uMyekethe unamacala amabili aphambilini, okweqa esitokisini kanye nelokubulala.
Ukuqulwa kwecala lakhe kuhlehliselwe umhlaka 26 November ngenhloso yokuqhubeka nophenyo.