Zibakhalele Abasolwa Ngokubulala Etavern Yase-PMB

Written by on 20 July, 2022

By: Xolani Khumalo

Abalisa abane sebekhalelwe ngamasongo kasigonyela ngezinsolo zokuthinteka esigamekweni sokudutshulwa kubulawe abantu abane eSamkelisiwe Tavern, ePietermaritzburg, enkabeni yesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Kulesigameko kwalimala kanzima nabanye abantu abangu 8.

Amaphoyisa abe esejuba ithimba elihlanganisa izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa, ukuhlanganisa amakhanda ukuthola umkhondo wababulali.

Kube sekuboshwa abasolwa abaphakaathi kweminyaka engu-19 kuya 36.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala ubeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background