Zigwetshwe Odilikajele Izelamani Ezabulala Abazali

Written by on 4 May, 2023

By: Dawud Phungula

Amaphoyisa esfundazweni saKwaZulu-Natal asezishayele ihlombe izigwebo zodilika jele ekugixabezwe ngazo izelamani zakwaSibiya ezabulala abazali bazo.

Inkantolo yamajaji ePietermaritzburg inike izelamini uZakhele, uPhilani, kanye noLamulani odilika jele abangu 6 kulandela ukulahlwa yicala lokudubula babulale abazali babo.

Inkantolo iphinde yababhansela nangeminye iminyaka engu-30 ngaphezulu.

Labalisa abaneminyaka engu 37, 35, no 23 ubudala bagila lomkhuba ekhaya lakubo eNgudwini maphakathi nesifundazwe ngo February 2020.

Oyiskhulumi samaphoyisa uRobert Netshiunda uthi abazali balaba uThembi kanye noMxoveni babeneminyaka engu 61 no 70 ubudala ngenkathi behlaselwa yilabantwana babo ababazalayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background