Zikalala: Odokotela base Cuba bazolekelela

Written by on 21 May, 2020

Undunankulu wesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi ukufika kodokotela base Cuba kuzosiza ukwehlisa umthwalo osindayo othwele ngodokotela, abahlengikazi kanye nabanye ochwepheshe ezibhedlela ezahlukene ezibhekene ne Covid-19.

uZikalala usemukele ithimba lodokotela ezilolekela lesifundazwe njengoba izwelonke lixakwe ubhubhane lwe Coronavirus.

Uthi umlando omuhle phakathi kwezwe laseCuba neNingizimu Africa usuka emandulo ngakho isandla esizofakwa ilabodokotela samukelekile.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

uZikalala uthi umsebenzi wabahlengikazi nodokotela bakuleli uyancomeka eqinisekisa nokuthi ithimba laseCuba lifikele ezandleni zabantu abasebenza ngokuzikhandla, abanesipiliyoni futhi abazimisele ngokunakekela abantu.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background