Zikhala ezimathonsi izisulu zenkanyamba
Written by Lethiwe Mdluli on 14 November, 2019
Amalungu omphakathi ngaphansi kukamasipala uMshwathi ayizisulu zokuphephukelwa izindlu emva kokuhlasela inkanyamba eMpolweni, asenxuse uhulumeni ukuba angenelele ekuwasizeni
njengoba ethi aphila ngaphansi kwesimo esibi emva kwezimvula ezinamandla futhi ezisaqhubeka.
Lomphakathi kumanje uhlangene esontweni lendawo nalo eliphephukile ukuzokwamukela okuya ngasethunjini njengoba izinkampani ezahlukahlukene zizofaka isandla ukuletha usizo ikakhulukazi ngokubanikeza ukudla.
Umphakathi uthi kuze kube imanje impilo inzima ngoba awunandawo yokulala.
Listen here:
https://iono.fm/e/775880
By: Nompendulo Ngubane
Tagged as KZN tornado