Zilokhu Zinyuke Njalo Izibalo Zabantu Ababulawa Ama-Pitbulls

Written by on 24 November, 2022

By: Zilungile Mkhize

Izigameko zokuhlaselwa kwabantu babulawe yizinja zohlobo lwama Pit-bull, zibukeka zanda kunokuthi zinqandeke ezindaweni ezahlukene eNingizimu Africa.

Lezigameko zenzeka nje, sekunezicelo kanye nemikhankaso ekhona egqugquzela ukuthi zivalwe lezi zinja njengezilwane ezifuywayo.

Ukuvinjelwa okunjalo kwama Pit-bull sekukhona kwamanye amazwe amaningana.

Esigamekweni sakamuva kuleli, i-pit-bull ibulale ingane enezinyanga ezingu-15 e-East London.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uTembinkosi Kinana, uthe sekuvulwe uphenyo ngalesigameko.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background