Zimkhalele owesimame wase-Lesotho emva kokuthi elahle ingane esanda kuzalwa.
Written by Phakeme Mnguni on 10 February, 2025
By: Phakeme Mnguni
Owesimame (32) wokufika kuleli uzolala ebaliwe emva kokuthi elaxaze usana lwakhe olusanda kuzalwa estamkokweni, eVerulem enyakatho yedolobha iTheku.
Inkampani yonogada i-Reaction unit SA ibika ukuthi lolusana lwentombazane baluthole lulenga onqenqemeni lwesitamkoko emgwaqeni u-Wick Street enkabeni yedolobha iVerulem izolo, kanti baluhlengile baluhambisa esibhedlela sikahulumeni.
Bathi ke izolo ebusuku bathole umkhondo ovela esikhungweni sezempilo baziswa ukuthi ingane ekade inamekwe esithombeni kufunwa, umzali wayo, kade itetelwe kuso nalapho ekuthe uma bewulandela wabaholela kunina endaweni yase Hazelmere.
Bathole ukuthi lowesimame okukeli ngokungemthetho, wafika eminyakeni emibili edlule, kanti ubehlose ukubaleka abuyele kwelakubo.
Babika ukuthi ubazekele ukuthi washiya izingane ezingu-2 enhloko dolobha yase Lesotho i-Maseru ngenhloso yokuzofuna umsebenzi kuleli, uzofike akhulelwe nomlisa omkhulelisile ayiphike ingane, emsola ngokungaziphathi kahle. Kuthe esetetile wafaka ingane ku plastic kadoti wayoyilahla emgodini wamanzi, kepha waphazanyiswa imoto okuholele ekutheni agcine eseyilaxaza eduze nawo wabeletha izithende.