Zimkhalele Umlisa Otholakale Nesitho Sangasese Eskhwameni

Written by on 25 April, 2023

By: Zilungile Mkhize

Amaphoyisa eEastern Cape asegcine embophile umlisa owatholakala emgwaqeni ehamba edayisa ngesitho sangasese somuntu wesilisa.

Ukuboshwa kwalendoda eneminyaka engu 32 ubudala, kulandela ukusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana, zikhombisa lesitho esibonakalayo ukuthi sishumpulwe ngendluzula sifakwe esikhwameni esincane esimnyama.

Umsolwa lo ubhekene namacala okutholakala nesitho somuntu ngokungemthetho, kanti zimukhalele enxanxatheleni yezitolo iFingoland, khona eButterworth eEastern Cape.

Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi lesitho sangasese sinqunywe kumlisa mumbe oneminyaka engu 68 ubudala eOR Tambo District, okumanje usesibhedlela.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background