Zisamile Izinhlelo Zokuvalwa kwe-Greyhound

Written by on 5 February, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inkampani yamabhasi i-Greyhound seyisivumile isicelo sezinyunyana sokuthi imise okwesikhashana izinhlelo zayo zokuvala ukusebenza kwayo kulelizwe unomphela.

Izolo iziphathimandla zeGreyhound kanye ne Citiliner, i- Unitrans, zimemezele ukuthi izinkinga ezifike neCOVID-19 zenze kwabanzima ukuthi lamabhasi aqhubeke nokusebenza.

Okhulumela i-NUMSA uPhakamile Hlubi Majola uthi baxoxile nalezikhulu, bakucacisa ukuthi inkampani ayikwazi ukuvele ivale izicabha ingazange ilandele imigomo yemithetho yakwa yezemisebenzi ne CCMA.

Uthi bekumele izwakalise izinhlelo zayo zokuvala izinyanga ezimbalwa ukunika abasebenzi ithuba lokuhlela ngekusasa labo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background