Zisha Ngapha-Nangapha Izikhungo Zikahulumeni
Written by Mfundo on 24 January, 2022
By: Lindelani Mbatha
Abombutho wezempi kuleli iSANDF bathi kusekude ukuqagula ukuthi udalwe yini umlilo obusha ubuhanguhangu eWaterkloof Air Force Base, ePitoli.
Izolo kusabalale izithombe ezikhombisa ukusha kwalesisikhungo samasosha, nesingesinye sezikhungo ezibalulekile ezweni okusolakala ukuthi bekusha indawo egcina uPetrol.
Lesisikhungo saba ngundabuzekwayo ngo-2013, lapho abamndeni weziqumama zakwaGupta basebenzisa lendawo ukufikela umshado wenye yamadoda abo.
Lokho kwasusa omkhulu umsindo ezweni njengoba abaningi babebuza ukuthi lomndeni ongumngani noyowayengumengameli wezwe uJacob Zuma, uyinikezwe ubani imvumo yokufikela kulesisikhungo sesizwe.
Umlilo usuyinsakavukela umchilo wesidwaba kuleli, njengoba ekuqaleni kwalenyanga kushe kwangqongqa izinxenye ezithile zephalamende, kanti ngesonto eledlule kushe elinye lamabhilidi amakhulukazi eThekwini.
Ngokushiswa kwephalamende kusolwa owesilisa obezihlalela emgwaqeni uZandile Mafe, kantike ngokushiswa kwalesisikhungo iWaterkloof yamasosha kusaphenywa.
Oyisikhulumi seSANDF uBrigadier-General Andries Mahapa uyanaba.