Zisithwalise Kanzima Izigebengu Zase-KZN- Bheki Cele

Written by on 11 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi kuyadumaza ukuthi iningi labantu abayizigebengu abahlala eGoli baqhamuka esifundazweni saKwaZulu-Natal.

UCele usho kanje kade ekhulumaka nezakhamuzi zaseSoweto, emvakwesigameko sokufa kwabantu abangu-15 abadutshulwe kade besendaweni yokucisha ukoma eMdlalose Tavern, eOrlando East.

Kuzokhumbuleka ukuthi nalabo abasolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa baqhamuka kwaNongoma enyakatho yesifundazwe.

uCele udalule ukuthi osolwa ngokuba nesandla ekusocongweni kwabantu eSoweto uvela kwaNongoma.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background