Ziyaqhubeka Izinhlelo Zokukhuculula Inkohlakalo Kwa-PRASA – Mbalula

Written by on 23 March, 2022

By: Bright Ntuli

Ungqongqoshe wezokuthutha uFikile Mbalula uthi kuzodla imali elinganiselwa ku 4.9 billion wamarandi ukulungisa izingqalasizinda ezicekelwe phansi zenkampani yezitimela uPRASA.

U-Mbalula usho kanje ngenkathi ethulela ikomidi lephalamende elibhekele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi umbiko ngezinhlelo zomnyango wakhe zokubuyisela lenkampani ekusebenzeni ngendlela efanele.

Lenkampani engaphansi kwamabhizinisi kahulumeni, ibhekene nengwadla yokucekelwa phansi kwezingqalasizinda, ukwebiwa kwezinsimbi zikajantshi, izintambo zikagesi kanye nokunye.

Uthi konke lokhu sekuphazamise ukuhamba kwezitimela.

U-Mbalula uqhuba ngokuthi ziyaqhubeka nezinhlelo zokuzama ukukhuculula inkohlakalo ngaphakathi kwa PRASA.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background