Ziyavulwa izikole ekuqaleni kuka June
Written by Lethiwe Mdluli on 20 May, 2020
Ungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo, uAngie Motshekga, uthi zonke izinkomba ziveza ukuthi zizovulwa izikole ngenyanga ezayo.
uMotshekga ubethulela abezindaba izinhlelo zomnyango wakhe zokuqinisekisa ukuthi zonke izinsiza zokuphepha zizobe zihlinzekiwe ezikoleni.
Sekuphele izinyanga ezimbili selokhu izikole zavalwa, ngenxa yemizamo kahulumeni yokunqanda ukubhebhetheka kwe-Coronavirus.
uMotshekga uthi ikomidi elibhekelele ukusabalala kwaleligciwane selivumelene ukuthi izikole zivulwe ekuqaleni kwenyanga ezayo.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo umnyango usuqinisekise isizwe ukuthi zonke izikole zizobe sezinawo amanzi uma sekuvulwa izikole.
UMotshekga uphinde waveze nokuthi ugrade 7 no 12 yibona abazovula kuqala.
Uthi njengoba ukuphepha kwiCOVID-19 kuncike kakhulu kwinhlanzeko, umnyango uzoqinisekisa ukuthi nezikole ezingenawo amanzi ziyawathola ngisho noma ngabe lokho kusho ukuthi zihanjiselwa amathangi.
Uqhuba ngokuthi bazosebenzisana nomnyango wezamanzi ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By:Lindelani Mbatha