Zizokwanda Izivimbamgwaqo Kulamaholidi

Written by on 15 December, 2022

By: Nompendulo Ngubane

USihlalo wekomidi lezokuThutha eSishayamthetho KwaZulu-Natal, uVusi Dube, uthi ngaleskhathi sonyaka, imikhankaso yalelikomidi igxile kakhulu ekugqugquzeleni ukuphepha emgwaqeni.

UDube usho kanjena nje lelikomidi selethule imikhakhaso yokuqwashisa liphinde libheke ukuthi ngabe izimoto ezisemgwaqeni zisesimweni esihle yini.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ngesikhathi beqhuba lomkhankaso emgwaqeni uN2, eKokstad, eningizimu yesfundazwe uDube uthi kubalululekile ukuthi abashayeli baqaphele, ikakhulukazi njengoba siqhubeka nokwenyuka nsuku zonke isbalo sabantu abasemgaqweni belibhekise emakhaya.

UDube uthi bazosebenzisana namaphoyisa kanye nezinye izinhlaka ukubamba izivimba mgwaqo ukulwisana nezaphula mthetho.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background