Zizoqhubeka Izinhlelo Zase Phalamende

Written by on 11 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umhlangano kaSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula, kanye nosotswebhu bamaqembu ezepolitiki, usuphume nesinqumo ngokusebenza kwephalamende.

Lesisinqumo sithi kuzoqhutshekwe nazozonke izinhlelo zokusebenza kwePhalamende ngemuva kokuqubuka komlilo ocekele phansi inqwaba yempahla ngesonto eledlule.

Bese kuvele kunqunyiwe ukuthi inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ebhekiswe esizweni, iSONA, kanjalo nekulumo-mpikiswano ngayo lenkulumo kanye nezimpendulo zakhe uMengameli zizobanjelwa ehholo ledolobha laseKapa.

I-SONA 2022 izoba ngomhlaka 10 February.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthi lomhlangano wezikhulu unqume nokuthi inkulumo yesabelomali kanye nezinye izinhlelo ezilandela yona zizoba se-Good Hope Chamber khona ePhalamende.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background