Zizothuthukiswa Izikole Ezikhahlamezwe Izikhukhula

Written by on 19 January, 2022

By: Bright Ntuli

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi izikole zakulesifundazwe zikulungele ukuqalisa ukufunda nokufundisa namhlanje.

U-Zikalala uthi zingu-186 sezizonke izikole zakulesifundazwe ezikhahlanyezwe yizimvula ezihambisana nesiphepho kusukela ngo-November wangonyaka owedlule.

Izikole kulindeleke ukuthi zivule namhlanje, kanti abanye abafundi bazozithola bengondingasthebeni.

U-Ndunankulu usho kanjena njengoba kade ehambe ngaphansi kohlelo luka hulumeni iSiyahlola, ukuyozibonela ngawakhe umonakalo odalwe yizikhukhula.

Ekhuluma ngemva kokuvakashela izikole ezimbili zamabanga aphansi iNdukebandla Primary kanye ne Malanda Primary, uZikalala uthi okwamanje kubonakala sengathi imali ezodingeka ukulungisa zonke izikole ezicekeleke phansi ingase ibe ngu R200 million kuya phezulu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background