Zizowakhalela Amaphoyisa Ayetapa

Written by on 18 August, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ikomidi elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa ePhalamende seliqalise uphenyo mayelana namaphoyisa asolwa ngokuba yingxenye yezigameko zokutapwa kwempahla ezitolo ngezikhathi zezibhelu KwaZulu-Natal nase Gauteng.

Lezidubedube ezazihambisana nodlame, ukutapwa kokudla, nezinye izimpahla ezahlukene, nokucekelwa phansi kwezakhiwo, zabonakala ezindaweni ezahlukene kulezifundazwe zombili ngo July.

Loluphenyo oluzoholwa yikomidi lamaphoyisa ephalamende, luzobheka nokuthi kungenzeka kanjani ukuthi amaphoyisa aqashelwe ukuba alwe nobugebengu, nawo abonakale ezibandakanya ezenzweni zobugebengu.

Lithi luzogxila emaphoyiseni akwa SAPS nalawo angaphansi koMasipala.

Kulindeleke indlela elizoqhutshwa ngayo yehluke kulezo eziyaye zibonakale zenziwa ngamakhomishana, njengoba luzoholwa ngamaLungu ePhalamende hhayi umholi ozimele wobufakazi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background