Babeke Phansi Amathuluzi Abasebenzi Basesibhedlela

Written by on 24 April, 2024

By:Nompendulo Ngubane

Abasebenzi besibhedlela iHarry Gwala Regional esasaziwa nge-Edendale Hospital ePietermaritzburg sebebeke phansi amathuluzi okusebenza bekhala ngokungaphatheki kahle kulesi sikhungo sezempilo.

Ukusebenza kwesibhedlela kube nokuphazamiseka ngesikhathi abasebenzi okungabahlengikazi nalabo abahlanza isibhedlela bebhikisha befuna ukuthi kulalelwe izikhalo zabo.

UNobhala we-NEHAWU esifundeni iHarry Gwala uMazwi Ngubane uthi lesi sibhedlela sikhungethwe izinkinga eziningi njengoba ethi abasebenzi bayashoda nokwenza ukuthi umthwalo ube muningi kulabo basebenzi abangaphakathi.

UNgubane uthi kunezigameko zokuhlukunyezwa nokuxoshwa kwabasebenzi abangamalungu eNEHAWU ngaphandle kokuthi kulandelwe imigudu efanele.

Ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM usebeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background