News

By: Xolani Khumalo Isikhulu esiphezulu somkhandlu Umalusi olawula imiphumela ka-matric kuleli, uMafu Rakometsi sesixwayise labo abazozama ukukopela, ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile. Lomkhandlu ubambe isithangami nabezindaba ukudalula ukuthi isimo simi kanjani njengoba sekusele izinsuku ezingu-10 ngaphambi kokuthi abafundi bakamatikuletsheni bahlalele ukubhala izivivinyo zabo zokugcina ngci zokuphela konyaka. Ukubhala kuzoqala ngomhlaka 21 kwephezulu kuphele ngo November. Isibalo […]

By Ayanda Nyuswa The Premier Soccer League has confirmed the Carling Knockout Round one fixture dates, times and venues. The draw for the second edition of this tournament took place on Tuesday 8 October, with all 16 Betway Premiership teams paired together. The action will kick off on Friday 18 October in KZN with a […]

By: Bright Ntuli Umnyango wezokuthutha eKZN uthi kuyishwa ukuthi isifundazwe sesiphinde sagubezelwa yifu elimnyama ngenxa yengozi yomgwaqo ngalesikhathi izwe libungaza inyanga yezokuthutha. Umnyango usho kanje kulandela ingozi phakathi kweloli kanye nemoto ethwala izingane zesikole esidlule nemiphefumulo yabangu 8 ku N2 ngase Mandeni enyakatho yalesifundazwe. Kulaba abashonile kubalwa ushayeli wemoto ethutha izingane zesikole kanye nazo zonke […]

By: Sthulile Mdletshe EFF leader Julius Malema has confirmed that no party structures in KwaZulu-Natal (KZN) will be disbanded following the outcome of the May 2024 elections. The party experienced a significant drop in support this year and faced another setback when its Deputy President, Floyd Shivambu, resigned to join the Umkhonto Wesizwe Party. Malema […]

By: Zilungile Mkhize Inkampani ephakela lelizwe ngogesi i-Eskom isixwayise ngokuthi ikusasa layo lezimali namanje lisasengcupheni, njengoba kulindeleke ukuthi ilahlekelwe imali engango R1 Billion kulonyaka wezimali. Oyisikhulu esiphezulu kwa Eskom u Calib Cassim usho kanje ngenkathi evele phambi kwekomidi elibhekele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi ePhalamende I-SCOPA. U Cassim uthi imali engu R250 billion ekhishwe uhulumeni ukutakula uEskom, […]

By: Pamella Majola Abasolwa ababili abebefunwa ngamaphoyisa ngezinsolo zokubandakanyeka ekubulaweni kwamalungu angu 7 omndeni wakwa Khambule eHlokozi eHighflats eningizimu nesifundazwe, sebedutshulwe bashona. Ngokusho kwamaphoyisa laba bavulele ngenhlamvu bebhekise kuwo ngesikhathi ezama ukumisa imoto abebehamba ngayo emgwaqwni uSt Faiths, ntambama nje. Kulesigameko kushone nowesifazane obesemotweni ngesikhathi sekushintshiswana ngenhlamvu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule isifundazwe iKZN, savuka nezindaba ezibuhlungu […]

By: Nompendulo Ngubane Umndeni wowesifazane okhubazeke ngokomqondo usushayele amaphoyisa ihlombe emva kokuthi umlisa owadlwengula lowesimame egwetshwe udilakajele enkantolo ka Mantshi iScottburgh eNingizimu yesifundazwe. Ngo August nyakenye uVusi Khomo wabanjwa oqotsheni umphakathi wase Mgababa ku ward 98 edlwengula lowesifazane nowabe usubikela umndeni, kwaphetha ngokuthi umsolwa aboshwe. Lesi senzo saholela ekutheni izinhlaka ezahlukene zomphakathi wakulendawo ziphume ngobuningi […]

By: Sthulile Mdletshe Isikhungo esibhekele isimo sezulu i-South African Weather Service sesixwayise ngokuthi lelihlobo esiya kulona lizoba namazinga aphezulu kakhulu okushisa. Lesikhungo sisho kanje esithangamini sabezindaba izolo ngokuguquguquka kwesimo sezulu okungajwayelekile nokuholele ekukhithikeni kweqhwa, ngalesikhathi izwe liqala intwasa hlobo. Owaka SAWS u-Christien Engelbrecht uthi izinyanga uDecember, January no February kulindeleke ukuthi kushise kakhulu kunokwejwayelekile, ikakhulukazi […]

By: Nompendulo Ngubane Inkantolo yamajaji ePietermaritzburg isigixabeze abesilisa abathathu ngodilikajele kanye neminyaka bebhadle ejele ngamacala okubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. U Ndumiso Majola oneminyaka engu-24, uSiphamandla Ngubane no Lwazi Mbokazi yena oneminyaka engu-24 ubudala, bese behluphe kakhulu ngokuhlukumeza, baphinde bagadle kuchitheke igazi elokishini iMbali khona e Maritzburg. UNompendulo Ngubane uyabika:

By: Zilungile Mkhize UMengameli Cyril Ramaphosa uthi ubulungiswa buzokwenzeka kulandela isigameko sokudubulana sangoLwesihlanu eLusikisiki e-Eastern Cape esidlule nemiphefumulo yabantu abangu-18, iningi labo okungabesifazane. Kulaba, abangu 13 babo ngamalungu omndeni owodwa. Kwenzeka lesigameko nje, umndeni wezisulu ubuphezu kwamalungiselelo omcimbi wokwembulwa kwetshe lethuna lezihlobo ezimbili ezabulawa ngonyaka odlule. URamaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini, waphinde waqinisekisa ukuthi amaphoyisa […]

By: Sthulile Mdletshe Amaphoyisa akuleli anxusa umphakathi ukuthi uqaphele izigebengu namaqhinga okweba imali yezitokofela njengoba sekusondele amaholidi kaKhisimusi. Sekuvamisile ukuthi ngalesikhathi sonyaka kuqale imikhonyovu eyahlukene, lapho izigilamkhuba ziqola khona abantu imali abayisebenzele unyaka wonke. Kanti namalungu ezitokofela ezahlukene aselungiselela ukuhlukanisa izizumbulu zemali asuke eyonge kusukela unyaka uqala. Ukugwema izinkinga, amaphoyisa asenxenxe amalunga  ezitokofela ukuthi ahlukane […]

By: Buhle Mbhele Amaphoyisa esifundazweni i-KwaZulu Natal asebophe abalisa abawu-4 eSydenham, enyakatho yeTheku ngamacala okubhozomela izinhlelo zokwakhiwa kwamabhilidi kahulumeni kanye namabhzinisi azimele. Abomthetho babika ukuthi lamabhoklolo afike endaweni lapho ekwakhiwa khona umgwaqo base afuna imali ngenkani kubakhi. Iqhuba ngokuthi kuthe kusaqhubeka ukuphikisana nalaba, kwatheleka onogada nokuyilapho kugcine sekushunqa uthuli kudutshulwanwa, alimala wonke amabhoklolo. Oyisikhulumi samaphoyisa […]

By: Bright Ntuli Ithimba elibhekele izinhlekelele kulesifundazwe selixwayise ngamakhaza ashubisa umkantsha nangase ahambisane nokukhithika kweqhwa ngesonto elizayo. Umnyango wezokubusa ngokubambisana uthi lesimo sezulu esingesihle kulindeleke ukuthi sibe ngoMsombuluko noLwesibili ngesonto elizayo ikakhulukazi ezintabeni zoKhahlamba. Ngesonto eledlule ukukhithika kweqhwa kudlule nemiphefumulo yabantu ababili, abaqhuqhwa amakhaza baze bashona ngenkathi bevaleleke emgaqweni uN3 ngase Van Reenen Pass. Oyisikhulumi […]

By: Phakeme Mnguni Umlisa oneminyaka engu 28 ubudala usegwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula ugogo wakhe. Imibiko ngalelicala iveza ukuthi isaguga esineminyaka engu 70 ubudala, besisekhaya laso e Blaaubosch Osizweni, enyakatho nesifundazwe nyakenye, ngesikhathi umzukulu waso emucela ukuthi amuvulele isango. Iqhuba ngokuthi emva kokuthi emuvulele isango waya kolala egumbini lakhe, nokuyilapho umzukulu amulandela khona wafike wamubhudukeza wamudlwengula. […]

By: Buhle Mbhele Ungqongqoshe wezemfundo emazingeni aphansi uSiviwe Gwarube uthi usecele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe wezezimali u Enoch Godongwana ukuzoxoxisana naye mayelana nemali eyabelwe umnyango wakhe enganele. U Gwarube uthi ukuncipha kwemali etholwe umnyango wakhe, sekudale ukuthi inqubekela phambili ingabibikho, kuphazamiseke nezinto eziningi ezifana nokutholakala kwezinsiza zokufunda nokusebenza. Usho lokhu esithangamini sabezindaba eGoli namhlanje, lapho ebebuyekeza […]

By: Sthulile Mdletshe Inhlangano i-African Transformation Movement isizwakalise ukukhathazeka ngesibalo esishaqisayo sezidumbu eziduve  emakhazeni kahulumeni. Zingaphezulu  kuka 3 000 izidumbu ezingaziwa ezihleli  emakhazeni kahulumeni ahlukene kuleli. Lokhu kuvele ngesikhathi  umnyango wezeMpilo ubuzokwethulela  iphalamende ngesimo samakhaza kahulumeni. Isifundazwe saKwaZulu-Natal isona esihamba phambili ngesibalo sezidumbu  ezingu -1,527. Kulandele  i-Gauteng ngezingaphezu kuka 1,000, eLimpopo zingu-315, eWestern Cape zingu-299, […]

By: Buhle Mbhele Umnyango wezokuthutha KwaZulu Natal usukuqinisekiilse ukuthi imigwaqo uR33 kusuka eVryheid uya ePaulpietersburg kanye noR34 usuka eVryheid ulubhekise eMelmoth enyakatho yesifundazwe isivulekile. Kusukela izolo umgwaqo omkhulu ohlanganisa iGauteng neKZN uN3, ubuvalekile ngenxa yokukhithika okuhambisana nemvula. Abashayeli kanye nabagibeli sebebikele izindaba zeGagasi FM ukuthi sebechithe amahhora angaphezu kuka 15 behlezi ezimotweni zabo bengakwazi ukunyakaza […]

By: Xolani Khumalo Amaphoyisa KwaZulu Natal athi asezithendeni zabasolwa ababili abaphunyuke ezandleni zabomthetho bashaya bachitha ngemoto ku N2 ngaseMhlali enyakatho neTheku. Kubikwa ukuthi abakwasidlodlo endaweni yase-Nyoni, bazame ukumise imoto ebisolisa ukuze bayiseshe, kodwa abebephakathi bangayingena basho ngesivinini esikhulu bashaya bachitha. Okhulumela amaphoyisa uRobert Netshiunda uthi abasolwa abathathu abebekulemoto bavele bavulela ngenhlamvu emaphoyiseni uma bebo ukuthi […]

By: Bright Ntuli Ungqongqoshe wezokuthutha eKZN uSiboniso Duma usenxuse amalungu omphakathi ukuthi angadembeseli ukuza ngaphambili uma kunezenzo zenkohlakalo aziyo ngazo. U Duma usho kanje kulandela ukuthi abantu abangu-33 beboshwe ngemva kokuthi abakwasidlodlo belunywe indlebe ngamalungu omphakathi mayelana nenkohlakalo ebandakanya ukukhishwa kwezincwadi zokushayela. Uqhuba ngokuthi ukuboshwa kwalaba, kumele kunike isibindi namanye amalungu omphakithi ukuthi ampimpe ezinye […]

By: Zilungile Mkhize Uzogugela ejele umlisa owagwaza wabulala ingane eneminyaka engu 11 ubudala kulandela ukugwetshwa udilikajele yiNkantolo yasePitoli. U Mongezi Chauke uphinde wagixabezwa ngo 6-years ejele ngecala lokuthumba. Inkantolo ithole ukuthi umtwana lo, wagwazwa amanxeba angu 66 emzimbeni, ngoba uChauke ekhipha isibhongo sokuthi unina walomtwana akafunanga ukumqoma. Okhulumela iNPA uLumka Mahanjana, uthi uChauke wehluleke ngisho […]

By: Zilungile Mkhize Abezimo eziphuthumayo abanikele endaweni yesigameko, bafice abasilisa abathathu kanye noyedwa owesifaze belele phansi benamaxeba okudutshulwa emzimbeni. Ngeshwa-ke owesifazane olinganiselwa eminyakeni eko- 30 ubudala ushonele endaweni yesigameko. Kanti abesilisa abathathu bona baphuthunyiswe esibhedlela kwathi oyedwa wabo osolwa ngokuba ushayasbhamu nobesesimweni esibucayi, washonela khona esibhedlela. Kusolakala ingxabano equbukile ebeyimbangela yalesigameko.

By: Pamella Majola Umndeni wakwaKhambule uthi namanje usadidekile emva kokubulawa kwamalungu awu7 izolo ebusuku endaweni yaseHlokozi eHighflats eninginzimu nesifundazwe. Okhulumela umndeni uDudu Khambule uthi uthole ucingo ebusuku, ebikwekelwa ukuthi akaphuthume ekhaya, kukhona isgameko esesenzikile. U Khambule uthi ngenkathi esefika kubo ebusuku abavunyelwanga ukungena ezindlini nathi besekugcwele amaphoyisa. Elandisa abezindaba uthi ufike omakhelwane bamutshela ukuthi bezwe […]

By: Zilungile Mkhize Umkhandlu obhekelele ukusebenza komasipala iSA Local Government Association (SALGA), usukuqinisekisile ukuthi ingxenye enkulu yamakhansela omasipala alapha eNingizimu Afrika awanawo u-Matric. Ngokusho kwelungu le SALGA uLance Joel, ingxenye ka 27% wamakhansela awuzange uwuphase u-Grade 12. U Joel uthi kumakhansela angu 3800, angu 1368 kuphela aneziqu zikamatikuletsheni. Uselandise iPhalamende, ngezingqinamba ezibhekene nomasipala, ezinye zazo […]

By: Xolani khumalo Owesilisa obefunwa ngecala lokubulala useshonile kulandela ukudubulana namaphoyisa, eCato Manor, eThekwini. Ushonile owesilisa obefunwa ngecala lokubulala kulandela ukudubulana namaphoyisa, eCator Manor eThekwini. Lomosolwa ubeyamaniswa nesigameko sangesonto eledlule sokudutshulwa kubulawe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala, kanye no nkosikazi wakhe phambi kwengane yabo eneminyaka emithathu ubudala. Unkosikazi waphuthunyiswa esibhedlela esisimweni esubucayi, ngemva kokudutshulwa ekhanda. Umkhondo […]

By: Bright Ntuli Usegwetshwe odilikajele ababili owesilisa oneminyaka engu 60 ubudala kulandela ukuthi iNkantolo yesifunda eVryheid enyakatho yeKZN imthole enecala lokudlwengula izingane ezimbili zabafana. U Patrick Bheki Nkosi kubikwa ukuthi wanukubeza ngokocansi lezingane ngo 2019 ziseneminyaka engu 4 no 5 ubudala. Inkantolo isithole ukuthi labafanyana babethunywe estolo ebusuku ngenkathi uNkosi ebavimba, ebangenisa endlini yakhe wabadlwengula. […]

By: Pamella Majola Amaphoyisa athi umkhankaso ka alufakwa i-Operation Shanela uthela izithelo ezinhle, njengoba ngesonto eledlule kuboshwe izinkulungwane zabasolwa ngobugebengu. Babalelwa ngaphezu ka 13600 abasolwa abakhalelwe ngamasongo kasigonyela kulemikhankaso, loquqaba labasolwa luboshwe kuzo zonke izifundazwe. Lemikhankaso ibibheke ukuvundula abafunelwa amacala okubulala, awokudlwengula kanye nalabo abanezibhamu ezingekheo emthethweni. Kanti nalapha KwaZulu-Natal, ukhomishana wamaphoyisa uNhlanhla Mkhwanazi ehambisana […]

By: Nompumelelo Ngubane Imeya kaMasipala uMsunduzi uMzi Thebolla uthi njengoMasipala bazimisile ukuthi besebenze ngokuzikhandla ukukhuculula idolobha i-Pietermaritzburg futhi balwisane nabantu bokufika abahlala kulelidolobha ngaphandle kwamaphepha abagunyaza ukuba kulelizwe. U Thebolla uphawule kanje emva kokuthi begasele kwamanye amabhilidi akuleli dolobha asehlonzwe njengalawo asedliwe amalungu omphakathi, ahlala kuwo ngaphandle kwezimvume. Kanti amanye awo asetshenziswa ukwenza ubugebengu kanye […]

By: Buhle Mbhele Former EFF Student Command President Mpho Morolane has joined the MK Party on the same day he resigned from the EFF. He submitted his resignation letter on Wednesday morning. This, of course, raises eyebrows, prompting the question: Is Morolane leaving the EFF because he now opposes the party’s stance? It has been […]

By: Bright Ntuli Abalisa ababili abasolwa ngokubulala kanye nokuzama ukubulala sebekhalelwe ngamasongo kasigonyela kungakapholi maseko nje bedubule amalungu amathathu omndeni owodwa. Labalisa basolwa ngokuthi bagasele emzini othize endaweni yaseMakhwanini eMandeni enyakatho ye KZN ngoMsombuluko badubula ubaba walelikhaya oneminyaka engu 62 ubudala, umama wakhona ono 57 kanye nendodakazi yabo eneminyaka engu 43 ubudala. Amaphoyisa athi ubaba […]

By: Pamella Majola Owayeyisikhulu esiphezulu kwa Passanger Rail Agency of South Africa (PRASA) uDaniel Mthimkhulu usegwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokwenza umkhonyovu ngeziqu zakhe. Phakathi kuka 2010 no 2015, uMthimkhulu waqashwa njengenhloko yezobunjiniyela kwa Prasa ehola u R2.8 million ngonyaka. Ngonyaka ka 2019 wayalelwa yiNkantolo eNkulu yase Gauteng ukuthi akhokhele lenkampani yezitimela uR5.7 million […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background