Skip to main content

Noluthando Mchunu

Undunankulu waKwa-Zulu Natal uThami Ntuli uthi ukubizana ngamagama alumelayo ezinkundleni zokuxhumana, ukudilizwa kwamabhodi okhetho, kanye nokugqungquzela abantu ukuthi baphehle udweshu, ngezinye zezinto ezenza kube nodlame lwezepolitiki.

UNtuli ubekhuluma emkhulekweni woKhetho obubanjelwe Kwa-Nongoma enyakatho yeKZN njengoba sekusele izinsuku ezingu 8 nje vo ngaphambi kokhetho lomasipala.

Kulomkhuleko bekukhona izinhlaka zezokuphepha kanye nabaholi abavela emaqenjini ahlukene ezepolitiki ukuzozivumela ngokwabo ukuthi bazohlonipha yonke imigomo yakwa IEC ngokhetho.

UNtuli uthi noma imibono yehlukile kodwa ukuthula yinto efunwa yiwona wonke amaqembu ezombusazwe.

“Labo asebalala behambe ngesandla sabenzi bobubi, amagama abo kufanele abe isexwayiso sokuthi kakufanele sivumele udlame lubuse izwe lethu,”kusho uNtuli.

Uqhube wathi,”Kuyinto enhle ukuncintisana kodwa akusona isizathu esihle sokusabisa, ukubulala kanye nodlame.”

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaNtuli…

Amacala okubulala okuhlobene nepolitiki asaqhubeka ukuba iphela endlebeni kwabomthetho esifundazweni.

Muva nje, amalungu amabili e-ANC, uLungani Makhathini noNokuthula Mavundla, badutshulwa babulawa ngesikhathi bekhankasela ukhetho oluzayo endaweni yaseMgababa, eNingizimu yeTheku.