Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natal uMbali Shinga uthi udaba lokukhulelwa kwezingane zamantombazane ezisencane ludinga ukuthi zonke izinhlaka zomphakathi zisebenzisane ukulwa nalo.
UShinga ubekhuluma emva kokwethula uhlelo lokuvuselela ukuziphatha i-Compendium of Social and Behaviour Change Programme kumasipala waseMadlangeni enyakatho nesifundazwe.
Inhloso yaloluhlelo ukukhuthaza abantu ukuthi bashintshe indlela yokuziphatha engalungile, kuvuselelwe imindeni futhi kubhekelwe nalabo abayizisulu zokuhlukunyezwa.
U-Shinga uthi ezinkingeni ezihlalise kabi umphakathi eyokukhulelwa kwentsha ingenye yezihamba phambili.
“Uma ukhulelwa umncane uyaphazamiseka esikoleni. Khona la manje, khona abathule ama testimonials amabili. Omunye una 22, omunye una 20, baqale kulama programs ethu besasesikoleni,”
“Bayotshela abanye abantu abasha namhlanje nabazali babo ukuthi ngokuba ingxenye yaloluhlelo sikwazile ukuthi sikhule sizigcine, singakhulelwa sibancane,” kusho u Shinga.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaShinga…




