Nompendulo Ngubane
Imeya kaMasipala wase Big Five Hlabisa, eNyakatho ye KZN uComfort Khumalo , uthi ukuthola umbiko kaMcwaningimabhuku ongenamibandela kukhombisa ngokusobala ukuthi lo masipala usebenza ngokuzimisela.
UKhumalo uthi yize omasipala basekhaya benesabelomali esincane, kodwa kubahlaba umxhwele ukuthi bahlale bethola imibiko ekhombisa ukuthi izimali zomphakathi zisetshenziswa ngendlela efanele.
Usho kanje ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uVelenkosini Hlabisa, evakashele umphakathi waseHluhluwe, nalapho ehlomise khona intsha ngezinsiza ezahlukene.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaKhumalo…
UKhumalo uthi uyaziqhenya ngokuthi iningi lezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ebezihleliwe zikwazile ukwenziwa.
“Siyajabula kakhulu ukufika kulelizinga esikulona, ukuthola ama unqualified audit opinion. Lokho kwakha ukuzethemba emohakathini wakithi ngoba umphakathi uyabona ukuthi izimimali siziphethe kanjani.”
“Ngoba umncwaningi mabhuku osuke ezimele, usuke engaqashiwe umasipala ngoba usuke ecwaninga kuzo zonke izindawo,” kusho uKhumalo.




