News

Page: 2

By: Sthulile Mdletshe Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa lingase liphinde libambezeleke kulandela ukushona isigubhukane kommeli uThulani Mngomezulu obemele ummangalelwa wesine uMuzi Sibiya. UMngomezulu uqale ukumela uSibiya ngemuva kokuthi lommangalelwa exoshe ummeli wakhe waphambilini. Ube esejoyina phakathi nalapho bese kuqulwa khona icala phakathi kwecala, elihlola izitatimende zabasolwa zokuvuma icala. UMngomezulu besekuphele amasonto engalubhadi enkantolo kanti ubezohloma ngemibuzo […]

By: Nompendulo Ngubane UNgqongqoshe waseGauteng uLebogang Maile uthi kuyakhathaza ukuthi baningi abantu bangaphandle asebebhalise izipaza zabo, kunabantu bakuleli. Lokhu kuvezwe wuMnyango wezeziMali eGauteng. Abanikazi bezitolo amaSpaza nabahwebi banqunyelwe umnqamulajuqu wangoLwesihlanu, mhlaka 13 December 2024, ukuthi babhalise komasipala lezitolo ezingaphansi kwabo kuzo zonke izifundazwe. Ukubhaliswa kwezipaza kuyikhwelo eshaywa uMengameli Cyril Ramaphosa kulandela ukushona kwezingane ezingaphezu kuka-20 […]

By: Zilungile Mkhize Amaphoyisa aseqale uphenyo lokuthungatha owesifazane ohushule isisu kulandela ukutholakala kwemibungu obekuyizingane ezingamawele endlini thizeni ku Monty Naicker Road ngase South Beach eThekwini. Lezingane ezizalwe isikhathi singakashayi zitholakale zilahlwe endlini yangasese kuwo lomuzi. Abezimo eziphuthumayo ababizelwe endaweni yesigameko, bathi belungekho usizo abebesangazinika lona ukuze ziphile. Okhulumela abosizo lokuqala kwa ALS Paramedics, uGarath Jamieson […]

By: Nompendulo Ngubane Usekela Mengameli weANC uPaul Mashatile uthi uhulumeni uzimisele ngokwakha ubudlelwane nabaholi bendabuko, futhi aqhakambise izifiso zabo mayelana nezindawo abahlala kuzo nezengamelwe amakhosi nezinduna. UMashatile usho kanje ngesikhathi ehambele indlu yobukhosi yesizwe sama Mpumuza, ePietermaritzburg maphakathi nesifundazwe, nalapho afike waxoxisana nenkosi uKhethokuhle Zondi ohola lesi sizwe. Uhambo luka Mashatile eKZN, luyingxenye yokukhankasela ukhetho […]

By: Zilungile Mkhize Ikhomishana yamalungelo abantu iSAHRC, isiphonsele uhulumeni inselelo yokuthi enyuse imali yesibonelelo sezingane, aphinde elule izinhlelo zokuhlinzekwa kwabafundi ngokudla ezikoleni. Inkinga yendlala emiphakathini eyahlukene, yinto esathe chithi ezweni lonkana. I-HASRC ithi zibalelwa ku-1500 izingane ezishone kulelizwe ngenxa yezifo ezihlobene nendlala kuleminyaka emibili edlule. Izifundazwe iEastern Cape, Limpopo, KwaZulu-Natal, Free State, kanye ne Gauteng, […]

By: Pamella Majola Abalisa ababili abazithola sebetitinywa ngenduku ngaphandle kwenkampani abasebenza kuyo i-CJM Growers oThongaat enyakatho yeTheku, bathi bafuna ubulungiswa ngokwabehlela bengenzanga lutho kumqashi. Belandisa izindaba zeGagasiFM, bathi ngolwesine olwedlule babizwa umqashi wabo, wabakhiphela ngaphandle kwamasango enkampani nokuyilapho abathi kwaqhamuka khona imoto abangayazi, kwaphuma abalisa abathathu kuyo babashaya kanzima. Labalisa okungu Muzi Dlamini kanye no […]

By: Phakeme Mnguni Akasekho emhlabeni ummeli waloyo ongumsolwa ohamba phambili ecaleni lokubulawa kuka Senzo Meyiwa, u Advocate Thulani Mngomezulu. UMngomezulu ubemele uMzikawukhulelwa Sibiya, okusolwa ukuthi wazivumela yena icala lokubulala uMeyiwa. Ngokwesitatimende selungu lomndeni uDumisile Mngomezulu, lommeli ushonele esibhedlela eVosloorus ezintatha ngoLwesibili. “Kungokudabuka okukhulu, simemezelea ukudlula emhlabeni kobengumyeni othandekayo, ubaba kanye nendodana. Siyaqinisekisa ukuthi udlule emhlabeni […]

By: Sthulile Mdletshe Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Council (SANTACO) eKZN yehlulekile ukuqinisekisa ukuphela kwesiteleka samatekisi amabanga amade. Kusukela ngeledlule i-Long DistanceTaxiiAssociation imise nse ukusebenza ikhala ngezimvume zokusebenza. Lenhlangano ikhala ngokuthi umnyango oholwa nguNgqongqoshe uSboniso Duma, uzishaya indiva izikhalo zabo osekuphele iminyaka bezibika zodaba lwezimvume zokusebenza, okunalokho izimoto zabo ziboshwa nsuku zonke amaphoyisa ka Operation […]

By: Sthulile Mdletshe South African Airways (SAA) has confirmed the cancellation of approximately 60% of its flights due to a strike by members of the South African Airways Pilots Association (SAAPA), just ahead of the December holiday rush. However, the airline clarified that not all pilots are participating in the industrial action. The strike follows […]

By: Nompendulo Ngubane UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi uzoba nomhlangano nemboni yamatekisi, lapho bezobhunga khona ngokulekelelwa kwabantu abakhubazekile kwezokuthutha. U-Ndunankulu usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe ePhalamende labaKhubazekile e Richmond maphakathi nesifundazwe. Kuloluhlelo lokuhanjiswa kwePhalamende kubantu, uNtuli uxoxisane namalungu omphakathi ngemizamo yokuthuthukisa impilo yabantu abakhubazekile. Uqhuba ngokuthi abantu abakhubazekile babhekana nezinselelo ezinhlobonhlobo kanjalo nokuhlukumezeka, […]

By: Nompendulo Ngubane Abalisa ababili kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ka Mantshi ePietermaritzburg maphakathi nesifundazwe emva kokutholakala bezenzela ugologo owumbombayi. Laba balisa babanjwe amaphoyisa esiteshi i Plessislaer, emzini abebevubela kuwo lobu tshwala. Kulomuzi kutholakale nezinto okusolwa ukuthi bezisetshenziswa ukwenza lobu tshwala bomgunyathi nokudale ukuthi la basolwa ababili abalinganiselwa eminyakeni engu-27 nengu-33 ubudala bakhalelwe amasongo ka Sigonyela. […]

By: Xolani Khumalo Sebekhalelwe ngamasongo kaSingonyela abasolwa abangu-5 abebephazamisa besabisa abasebenzi abenza umsebenzi wokwakha eMzinto eNingizimu nesifundazwe. Amaphoyisa abepatrola kulendawo athole umbiko ngamadoda abesabisa abakhi ababebevuselela isakhiwo sesikhungo sokucijwa komphakathi ngamakhono. Kubikwa ukuthi lamadoda atheleke kubakhi abasabisa ebayalela ukuthi abamise nse ukusebenza kuze kube nomhlangano ophuthumayo phakathi kwabo nalabo abakhiphe lomsebenzi. Okhulumela amaphoyisa uRobert Netshiunda […]

By: Zilungile Mkhize The state in the Senzo Meyiwa murder case has once again confirmed that singer Kelly Khumalo will not be called to the stand as a witness in the trial. State prosecutor George Baloyi informed the court that Khumalo remains a person of interest in the case. Meyiwa was tragically shot and killed […]

By: Phakeme Mnguni The advocacy group Defend Our Democracy has called for former Justice Minister Thembi Simelane to be removed from her newly appointed role as Minister of Human Settlements following fresh corruption allegations. These accusations, which date back to her tenure as mayor of Polokwane in Limpopo, where Simelane received a loan of more […]

By: Zilungile Mkhize Inyunyana yabashayeli bamabhanoyi akwa South African Airways, iSAAPA, ithi amalungu ayo azongenela ukhukhulela ngoqo wesiteleka kusasa njengoba kubhekwe ukuthi kuqale ibhizi yamaholidi ka December. Lokhu kulandela ukugqoza kwezingxoxo mayelana namaholo abashayeli bamabhanoyi. Labasebenzi bathi bafuna ukwenyuselwa amaholi ngo 15.7 wamaphesenti, nosekuyisiphakamiso esibuyekeziwe njengoba phambilini babefuna u30%. U SAA ubeke isamba sika 8.46% […]

By: Zilungile Mkhize Inkampani kagesi u-Eskom isixwayise ngokwanda kwemikhonyovu yokudayiswa kukagesi wekhadi ngokungemthetho ezinkundleni zokuxhumana. Lomkhonyovu ubandakanya abakhwabanisi abanikeza ama-voucher adayiswa ngamanani aphansi nangasebenzi uma umuntu esezama ukuyifaka esigubhini sikagesi ekhaya. Laba kubikwa ukuthi bafuna umuntu akhokhe imali ukuthenga le voucher bese kuthi ngemuva kokukhokha umuntu angabe esazithola izinombolo zikagesi noma anikwe ezingasebenzi. Laba baqola […]

By: Xolani Khumalo President Cyril Ramaphosa has made changes to his cabinet, moving Justice and Constitutional Development Minister Thembi Simelane to the position of Minister of Human Settlements. Minister of Human Settlements Mmamoloko Kubayi will replace Simelane in the justice portfolio. Additionally, Deputy Minister of Labour and Employment Phumzile Mgcina has been moved to the […]

By: Sthulile Mdletshe Ukhomishana wamaphoyisa kwaZulu Natal u-Nhlanhla Mkwanazi usekubeke kwacaca ukuthi isiteleka samatekisi amabanga amade esesidonse amaviki amabili asigunyaziwe futhi akusibo bonke ososeshini abayingxenye yaso. Uyaqhubeka umdonsiswano phakathi kwenhlangano yamatekisi ahamba amabanga amade i-Durban Long Distance Taxi Association, noMnyango wezokuThutha eKZN ngodaba lokukhishwa kwezimvume zokusebenza. Lenhlangano ithi lomnyango oholwa nguNgqongqoshe uSboniso Duma uzishaya indiva izikhalo zabo […]

By: Zilungile Mkhize & Phakeme Mnguni ANC Secretary-General Fikile Mbalula has stated that while the party’s highest decision-making body, the National Working Committee (NWC), has met with the KwaZulu-Natal (KZN) leadership, a final decision on the fate of the Provincial Executive Committee (PEC) is yet to be made. Speculation is mounting that the NWC might […]

By: Nompendulo Ngubane Amaphoyisa esifundeni uMgungundlovu maphakathi nesifundazwe asenxuse umphakathi ukuthi ungalinge uthenge inyama kubantu abangenalo igunya lokuyidayisa ikakhulukazi kulesi sikhathi esimatasa sonyaka. Okhulumela amaphoyisa esifundeni uSifiso Gwala uthi ngalesi sikhathi sonyaka, ziye zenyuke izibalo zamacala okwebiwa kwemfuyo. UGwala uthi okuvelayo ukuthi amasela aye antshontshe imfuyo yabantu, bese edayisela abantu inyama ngamanani aphansi. Usexwayise ngokuthi […]

By: Bright Ntuli I-South African Communist Party (SACP) ithi izolungenela ngokuzimela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026. Lenhlangano kanye nomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi (COSATU) ziyingxenye yombimbi luka nxantathu ne ANC, kanti njalo uma kunokhetho zivotela iANC. Yize sekunesikhathi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwe ANC ne SACP, kodwa ukungena kukakhongolose ngaphansi kukahulumeni wobumbano ne DA yikho okuvuse upelepele […]

By: Pamella Majola The Department of Transport states that the country has at least 20 hotspot areas where numerous accidents occur. It has been announced that the department will deploy 800 traffic officers to patrol these areas in a bid to prevent accidents during the festive season. The department officially launched the festive season road […]

By: Sthulile Mdletshe Abagibeli bamatekisi ahamba amabanga amade bahlalele  ovalweni kulamaholidi  ka -December, njengoba izikhulu kulemboni zisabisa ngokumisa futhi ukuhamba kwamatekisi kuze kube Umnyango wezokuThutha oholwa ungqongqsohe u-Sboniso  Duma ubhekana nezikhalo zabo. Osomatekisi bakhala ngokuthi lomnyango uzishaya indiva izikhalo zabo akade bazibika zodaba lwezimvume zokusebenza kanye nokunye. Kwenzeka lokhu nje emasontweni ambalwa edlule, inqwaba yabagibeli […]

By: Zilungile Mkhize UMengameli we ANC Youth League uCollen Malatji uthi i-EFF kanye ne-ATM bachitha isikhathi sabo ngokuzama ukuvuselela izinhlelo zePhalamende zokususa umengameli uCyril Ramaphosa esikhundleni. Lokhu kulandela isinyathelo se EFF ne ATM sokuya enkantolo yoMthethosisekelo ekuqaleni kwaleli sonto, ukuyophikisana nesinqumo sePhalamende likazwelonke sokungawemukeli umbiko wethimba lesigaba 89 mayelana nepulazi iPhala Phala. Kuzokhumbuleka ukuthi kulelipulazi […]

By: Buhle Mbhele ANC KZN Secretary Bheki Mtolo has stated that the provincial executive committee cannot be held responsible for the party’s failure to retain a majority in the May elections. He explained that he and the chairperson, Siboniso Duma, can only account for the province’s 17 percent loss, while ANC President Cyril Ramaphosa and […]

By: Zilungile Mkhize UMengameli uCyril Ramaphosa usephinde wagcizelela ukuzibophezela kukahulumeni ekubhekaneni nokushoda kokudla kanye nokulwa nezifo ezitholakala ekudleni, ikakhulukazi emiphakathini edla imbuya ngothi. Ethula inkulumo yakhe yaminyaka yonke eMkhandlwini obhekele ezezifundazwe, iNCOP, uRamaphosa usekuvumile ukuthi cishe ingxenye enkulu yemindeni yakuleli ibhekene nengwadla yokuntula ukudla. U Ramaphosa uthi selokhu kubheduke izifo ezihlobene nokudliwa kokudla okunobuthi, okuthengwa […]

By: Zilungile Mkhize I-ANCYL isizwakalise ukukhathazeka ngenkohlakalo eqhubeka eMnyangweni wezaseKhaya, ikakhulukazi ukwebiwa komazisi nokuyinto ethinta ezokuphepha kwezakhamuzi. Lolu phiko luthi lufuna kuqiniswe izinhlelo zokulwa nenkohlakalo kulomnyango. I-Youth League ithi ubugebengu obuqhubeka emnyangweni wezasekhaya kubeka engcupheni impilo nekusasa labantu bakuleli, ngakho kumele ibhekisiswe indaba yokuqinisa ukugadwa kwemniningwane ebalulekile yabantu. Bafuna kuthuthukiswe izinhlelo zokuqinisekisa omazisi kanye nesinyathelo […]

By: Sthulile Mdletshe Ilunga le MK Party eSishayamthetho saKwaZulu Natal u-Bonginkosi Mngandi, selikhale ngokwehluleka komnyango wezokubusa ngokubambisana oholwa u-Thulasizwe Buthelezi, ukubhekelela isithunzi sezinduna namakhosi. uMngandi usho kanje kwinkulumo mpikiswano eSishayamthetho eMgungndlovu ePietermaritzburg. Uthi lomnyango uyahluleka nokubhekana nezinselelo zobuholi bomdabu ikakhulukazi udaba oluthinta imhlomulo. Usephakamise ukuthi kuqiniswe izinhlelo zokuhlonipha iqhaza elibanjwa ngabaholi bendabuko emiphakathini yasemakhaya. UMngadi […]

By: Zilungile MKhize Isikhungo esibhekelele ukusabalaliswa kwezibonelelo zikahulumeni iSASSA, sithi sizokwethula uhlelo olusha lokulwa nenkohlakalo njengoba sekuzoqala ukubhekwa kobuso bomuntu othola lemali ngezobuchwepheshe, ifacial scan. Okhulumela iSassa, uPaseka Letsatsi, uthi umbiko wophenyo lwakamuva okhishwe izolo mayelana nobungozi bokwebiwa kwezimali zakwa SASSA ukhombise ukuntenga kwezokuphepha ezinhlelweni zokufaka izicelo zesibonelelo sikahulumeni. Uthi lena ngenye yezindlela abazama ngazo […]

By: Pamella Majola Oseyilungu loMkhonto Wesizwe Party uDali Mpofu usekuchithe njengamampunge okushiwo umholi we-EFF uJulius Malema, oveze ukuthi uMpofu uyena owayefuna kuhlakazwe i-EFF ukuze leliqembu lingene ngaphansi kwe MK Party eholwa uJacob Zuma. Kuzokhumbuleka ukuthi uMalema ekhuluma kwiPodcast yeEFF waveza ukuthi uMpofu kudala waziveza ukuthi weseka uZuma, futhi waze wabeka umbono wokuthi kuqedwe i-EFF bonke […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background