Skip to main content

I-uMkhonto weSizwe Party KwaZulu-Natal isizwakalise ukushaqeka ngokudutshulwa kubulawe ilungu laleliqembu kuWard 111 ENgonyameni ngaphansi kwesifunda iTheku.

UMinenhle Mpungose kubikwa ukuthi udutshulwe abantu abangaziwa ngezintatha kusa zangoMsombuluko eduze nasekhaya lakhe.

Kwenzeka lesigameko nje ngaphambi kokhetho kwadutshulwa kwabulawa elinye ilunga lalenhlangano uLastborn Shazi endaweni yaseMzumbe eNingizimu nesifundazwe.

Okhulumela i-MK Party uMkhuseli Mlengane usenxuse amaphoyisa kanye nethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki i-PKTT ukuthi iqinisekise ukuthi abenzi bokubi ukuthi bayavalelwa.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Mlangeni…

“Comrade Minenhle was a dedicated and committed member of the uMkhonto weSizwe Party in KwaZulu-Natal who selflessly served the movement and the people with conviction. His killing is a deep and painful loss to the uMkhonto weSizwe family in KZN, his community and the broader for a just and people centred society,” kusho uMlangeni.

Uqhube wathi,”Comrade Minenhle joins a number of our comrades who we lost during the campaign which is very painful.”

UMlangeni uphunde wanxusa umphakathi kanye nabalandela iqembu ukuthi behlise amaphaphu, bayekele umthetho udlale indawo yawo.