Skip to main content

Bright Ntuli

Sebengaphezu kuka 38 thousand abantu bokufika abakuleli ngaphandle kwezimvume asebephindiselwe emazweni abo kusukela ngo April kuya ku October kulonyaka ngaphansi kohlelo i-Operation Shanela.

Kulaba kubalwa nabangaphezu kuka 31 thousand abebehlala e- Lindela Repatriation Centre kanye nabangu 7-thousand-104 abathathwe ezifundazweni ezahlukene.

Ongusihlalo wekomidi longqongqoshe elibhekele ezabafuduki u-Mmamoloko Kubayi uthi nge-Operation Shanela, amaphoyisa kanye nezinhlangano ezisebenzisana nalelikomidi, ayaqhubeka nokubhekana ngqo namacala ahlobene nokufuduka kwabantu kanye nobugebengu.

UKubayi uchaze wathi “I-Operation Shanela inamandla okubopha abantu abavela kwamanye amazwe abangekho kuleli ngokusemthethweni. Uma amaphoyisa engena emphakathini, ayakwazi ukubuza abantu ukuthi bakuleli ngokusemthethweni yini.

Uqhube wathi, “Uma kutholakala ukuthi bakuleli ngokungemthetho, bayaboshwa, kulandelwe imigudu efanele yokubahlola bese bebuyiselwa emazweni abo.”

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaKubayi…

Ungqongqoshe uphinde waveza nokuthi phakathi komhlaka-26 October nomhlaka-8 November, kuboshwe abasolwa abangu-2 593 ezifundazweni ezahlukene, ngamacala okwephula uMthetho wokuFuduka (Immigration Act).

I-Operation Shanela wuhlelo lokuqinisa ukulwa nobugebengu oluholwa ngumbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), ngokubambisana nezinye izinhlaka zokugcinwa komthetho.

Lolu hlelo lugxile ekubopheni abasolwa ababandakanyeka ebugebengwini, nokushushumbiswa kwabantu nezidakamizwa, ukubhekana nabantu abahlala kuleli ngokungemthetho, ukuhlola izindawo zokucima ukoma, amabhizinisi nezinye izindawo ezisengcupheni yobugebengu kanye nasekuthatheni izibhamu ezingekho emthethweni.