Basale Enkundleni Abasolwa Bedubulana Namaphoyisa

Written by on 31 October, 2023

By: Xolani Khumalo

Abasolwa abangu-4 abebethungathwa ngamaphoyisa sebesale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eNanda, ngase Dube Village, enyakatho yeTheku.

Ithimba lamaphoyisa okubalwa awophiko lwe-NIU, eloklebe kanye namanye izolo ebusuku ligasele emzini othile ebekucashe kuwo lezigelekeqe ebezifunwa uthuli ngamacala ahlukahlukene nokubalwa kuwo nawokubulala.

Amaphoyisa athi kuthe uma efika kulomuzi ahlangabezana nezinhlamvu edutshulwa yilabasolwa, abe eseziphindiselela kwashona abangu-4 bashonela khona endaweni yesigameko.

Kanti kulesisgameko kudubuleke iphoyisa le-NIU emlenzeni, laphuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uJay Naicker uyachaza.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background