Bavuke Umbhejazane Abahlali Abashiywe Ngaphandle Kufakwa Ugesi

Written by on 17 April, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi waseThornville ePietermaritzburg uthi angeke uze unyakaze emgwaqeni uR56 kuze kube uMasipala uMsunduzi nenkampani ephakela ugesi-Eskom baze kubona bazoxoxisana mayelana nokuthi izolungiswa kanjani inkinga yokufakelwa ugesi kumphakathi ngaphandle kokukhethwa kwephela emasini.

Lo mphakathi ngovivi uvale lo mgwaqo ohlanganisa i-Eastern Cape neKZN kwama nse ukusebenza okubalwa nezikole eziphazamisekile kanye nabasebenzi.

Ukhala ngokuthi kunengxenye yaseThornville ekhishwa inyumbazane njengoba kunenkontileka efaka ugesi, kufakelwa ingxenye ethize abahlali abathi igcwele abomdabu waseNdiya.

Usekela meya kaMasipala uMsunduzi, uMxolisi Mkhize, ufikile kulo mphakathi obungafuni ukukhuluma naye ngoba uthi ufuna iMeya uMzi Thebolla azokhuluma nawo.

Nali ilungu lo mphakathi lichaza.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background