Skip to main content

By: Nhlanhla Mbokazi

Sekume nse ukufunda esikoleni samabanga aphansi i-Silwanetshe Primary School, eWillowfountain, ePietermaritzburg, njengoba abazali bezingane sebevale amasango akulesikole bekhala ngokuthi othisha abazifundisi izingane.

Othisha sekuphoqeleke ukuthi bahlale ezimotweni zabo ngenxa yokuthi amasango avalwe thaqa.

Labazali bathi bakhathazekile ngekusasa lezingane zabo njengoba bethi othisha abazifundisi abathi kwenza kube nzima uma benza umsebenzi wesikole wasekhaya, phecelezi ihomework, ekubeni bengafundisiwe wona.

Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, labazali sebebeke kanje.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/1yQ6KQBK65Gqp2&podcast_id=6b202686-c128-4648-aa2f-bc65f67c9117″ width=”100%” height=”200″]