Bazokhalelwa Amasongo KaSigonyela Abazophazamisa Ukhetho
Written by Mduduzi Phungula on 8 May, 2024
By: Buhle Mbhele
Ukhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, usexwayise amalunga ezepolitiki mayelana nokuthi amaphoyisa angeke asabe ukubopha abantu abazohluleka ukukhankasa ngokuthula ezikhungweni zokuvota.
Uthi awu-17000 amaphoyisa azotshalwa esifundazweni sonkana ukuqapha izikhungo ezahlukahlukene ngomhlaka-29 kulenyanga.
UMkhwanazi usho lokhu esithangamini sabezindaba eThekwini, lapho ebehlangene khona nezikhulu zeziteshi ezahlukene zamaphoyisa mayelana namalungiselelo ezokuphepha ngosuku lokhetho.
Uthi sekukaningi abantu bomthetho bebhekana nenkinga yabalandeli bamaqembu ezepolitiki abahlulwa ukuziphatha kahle uma bekhankasa eziteshini zokuvota ngosuku lokhetho.