I-ANC Ithi Ifuna Kuxoliswe Ngehlazo Elithelwe USherrif Wenkantolo

Written by on 5 December, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Okhulumela i-African National Congress (ANC) kuzwelonke uMahlengi Bhengu-Motsiri uthi akukwazi ukuthi usherrif wenkantolo afune ukuzoshaqa impahla ekhaya elikhulu e-Luthuli house ekubeni udaba seludluliselwe enkantolo yomthethosisekelo.

Lokhu kulandela isinqumo esenziwe inkantolo eNkulu eGauteng egunyaze ukuthi kushaqwe impahla emahhovisi e-ANC genxa yesikweleti sika-R102 million.

Lena imali ekumele ngabe yatholwa inkampani i-Ezulwini Investments eyayithole ithenda lokwakha izimpahla zokukhangisa nemifanekiso ye-ANC kukhankaselwa ukhetho lukazwelonke ngo 2019.

Namanje lenkampani kubikwa ukuthi ayikaze ithole ngisho uzuka ngomsebenzi ewenzile nokwaholela ekutheni kufakwane ezinkantolo.

Kwenzeka lokhu nje vele leli qembu elibusayo belibhekene nezinkinga zezimali njengoba ngonyaka owedlule abasenzi base Luthuli house babeka amathuluzi phansi bekhala ngokuthi sekunezinyanga bengaholile kanti bahlalele ovalweni lokuthi bangase baphucwe imizi nezimoto ngenxa yokucwila ezikweletini.

Kodwa ke ephawula nomsakazeli womphakati ngalolu daba oluphakathi kwe-ANC nalekampani engakhokheliwe u-Bhengu-Motsiri ubeke kanje.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background