By: Buhle Mbhele
I-African National Congress KwaZulu-Natal ithi ayisamukeli isikhundla sikaNdunankulu wesizwe samaZulu uThulasizwe Buthelezi ngokukahulumeni.
Unobhala waleli qembu esifundazweni, uBheki Mtolo, uthi abakuqondisisi ukuthi uButhelezi uhlonishwa kanjani emcimbi kahulumeni ekubeni umthetho waseNingizimu Afrika ungamniki indawo.
UMtolo usho lokhu esithangami sabezindaba eThekwini namhlanje.
Iqembu elibusayo belizochaza kabanzi ngesenzo sika sihlalo walo uKZN uSiboniso Duma ngempelasonto lapho ephuce khona uButhelezi umbhobho, esakhuluma emgubhweni weSilo uDinuzulu kaCetshwayo KwaCeza.
I-ANC eKZN ithi isamile kwelokuthi uDuma ubevikela umcimbi kahulumeni futhi akabangi lutho noNdunankulu wesizwe samaZulu.