Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Unobhala we-African National Congress (ANC) KwaZulu Natal, uBheki Mtolo, uthi beyiqembu abanakho neze ukungabaza ukuthi bazonqoba kukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo

Uthi alikho iqembu elinabalandeli eKZN njenge-ANC ingakho bezithemba ukuthi bazoqhubeka nokubusa kulesifundazwe.

UMtolo usho lokhu kwisithangami sabezindaba eThekwini emahhovisi akomkhulu eANC

Ube esekubeka kwacaca ukuthi abanavalo kanti futhi angeke basatshiswe amaqembu amancane eKZN ngoba awanawo amandla okuphatha lesifundazwe.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Ww0yyYw28PMmWV&podcast_id=cabb37c2-2286-4976-bb73-9f1cd55b7467″ width=”100%” height=”200″]