By: Zilungile Mkhize
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, i-Cosatu, uthi ukwakhiwa kabusha nokukhula kwe South African Airways (SAA) kuzodinga ubuholi obuqotho futhi obusheshayo kanye nokuphathwa ngendlela efanele kwalenkampani yamabhanoyi.
Ithi uma i-SAA ihlinzekwe ngalokhu, futhi ivikelwe nasenkohlakalweni, kanye nakho konke okwaholela ekutheni iwe bhu phansi, ingakwazi ukundlondlobala futhi.
Okhulumela iCosatu uMatthew Parks, uthi bazofuna umhlangano ophuthumayo nohulumeni ukuze kuxoxiswane ngezehlakalo ze-SAA, kuqhanyukwe nezindlela ezizoqinisekisa ukuthi iya phambili.