Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Oyilunga le-Economic Freedom Fighters (EFF) ephalamende u-Busisiwe Mkhwebane uthi kumele Inhloko yamajaji uRaymond Zondo acacise ukuthi umi kuphi, ingabe ungusopolitiki noma uyijaji elingachemile.

UMkhwebane uthi indlela uZondo aziphatha ngayo wenza ukuzimela kwakhe njengenhloko yeNkantolo yoMthethosisekelo ingabazeke.

UMkhwebane uphinde wagxeka ezinye izikhungo zamajaji, okubalwa kuzona iHhovisi loMvikeli woMphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA) kanye nophiko oluphenya amacala ayisipesheli i-SIU.

Ephawula ngokuziphatha kuka Zondo uthi akubukeki kahle uma ngaso sonke isikhathi ezwakala ephawula ngezepolitiki.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/w8YNBp7zRN47z4&podcast_id=8a6f8e3e-2241-43f9-9934-530891aefb27″ width=”100%” height=”200″]