I-EFF isimemezele izinhlelo zokudlulisa isinqumo senkantolo yemantshi yase Cape Town ngecala elibhekene nonobhala jikelele weqembu uMarshall Dlamini.
Lokhu kulandela emuva kokuthi uDlamini usethole isigwebo esilengisiwe sezinyanga ezingu-18 kanye nenhlawulo ka 6 thousand rands ngecala lokushaya iphoyisa uJohan Carstens, ePhalamende ngo-2019.
Lesigameko senzeka endaweni yokwamukela izivakashi ePhalamende likazwelonke ngomhlaka 7 February 2019.
Eziphendulela, uDlamini wathi wayecabanga ukuthi umholi we-EFF uJulius Malema uzohlaselwa.
Okhulumela i-EFF, uLeigh-Ann Mathys, usesigxekile lesi sinqumo.
Uthi lokhu kuyimizamo yokubeka ubuholi be EFF njengabantu abango phuma silwe.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/N8qw4zpvZZvqr&podcast_id=c232edcb-5482-4901-bf1d-5afe303fa913″ width=”100%” height=”200″]