Skip to main content

By: Dawud Phungula

Iqembu le-IFP kwaZulu-Natal selimemezele uThami Ntuli njengaloyo ozomela iqembu esikhundleni sikaNdunankulu wesifundazwe.

Leliqembu lenze lesisimemezelo kwisithangami sabezindaba esibanjelwe ehhovisi le-IFP eThekwini.

OnguMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa uthi akukaze kube khona zihibe ngesikhathi kuphakanyiswa uNtuli ekutheni kube nguye ozongena kulesisikhundla uma lenhlangano inqoba ukhetho lwezifundazwe.

Uqhuba ngokuthi amava akhe azodlala indima enkulu ukufukula isfundazwe saKwaZulu-Natal.

VIDEO: I-IFP iqoka ozongena kwesikaNdunankulu uma benqoba ukhetho