By: Sthulile Mdletshe
I-Phalamende likazwelonke, selizwakalise ukukhathazeka okukhulu mayelana nezingozi ezimbi ezilokhu zenzeka emigwaqeni yaseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Bangaphezu kuka-700 abantu asebeshonile ezingozini zomgwaqo kusukela kuqale amaholidi kaKhisimusi, kanti isfundazwe saseGauteng isona esihamba phambili.
Ngokwezibalo ezithulwe uNgqongqoshe wezokuThutha uSindisiwe Chikunga ukugcwala ngokweqile kwabagibeli, ukushayela budedengu nokushyela uphuzile kube nomthelela kulezi zingozi zakamuva.
Okhulumela iphalamende u-Moloto Mothapo uthi kubalulekile ukuthi abantu baziphathe ngendlela ephephile bahloniphe imithetho elawula ukushayela emigwaqeni ngaso sonke isikhathi.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/MMyv8V65RYRwLm&podcast_id=e570286c-4219-44d8-8eb2-05d7b25c970a” width=”100%” height=”200″]