I-Road Accident Fund Iza Nezinhlelo Ezintsha

Written by on 10 October, 2023

By: Sthulile Mdletshe

I-Road Accident Fund ithi uhlelo olusha lokukhokhela izisulu zezingozi emgwaqeni seluzothatha izinyanga ezintathu kuphela.

Lesi sikhungo sithi lokhu kuzosiza ekunciphiseni izigameko ezithinta abameli abadla imali yezicelo zabantu abasuke belimele.

Phambilini uhlelo lokukhokhwa kwezimali zabantu abahlangabezane nezingozi zomgwaqo beluthatha iminyaka abanye igcine iphelele kubameli lemali begayitholi.

Oyiskhulu kwa-RAF u-Collins Letsolae uthi okunye abakuqaphelile ukuthi isikhathi esiningi abantu sebethatha loluhlelo njengendlela yokwenza imali bakhohlwe ukuthi lolu uphiko lwahulumeni olunakekelayo nokuyimali yabakhokhi bentela.

Uthi ke uhlelo olusha luzoqinisekisa ukuthi abafaka izicelo bakwazi ukufinyelela kalula kulesi sikhungo bathole izinxephezelo ngesikhathi.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/GVVJKN163BZYN&podcast_id=d37e748c-238f-434a-83d6-3900e3f373c7″ width=”100%” height=”200″]

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background